Bonke abadlali bezindima kusuka
kumlimi kuya kubakhiqizi, kuya kubathengisi njalonjalo, kunabantu abadlala
indima yabo eqhubekisa umqondo wokusebenza kweketanga ngoba umqondo olandelayo
wakhelwe phezu kolandelwayo. Umdlali omunye nomunye uneqhaza alibambile futhi
leliqhaza limuzalela inzuzo ekugcineni.
Emakhongcweni ahlukene ke lapha
eketangeni abadlali basebenzisana ndawonye eketangeni lemakethe "market chain" kuze kufike
ekutheni iketanga lemakethe seliphenduka libe yiketanga lenzuzo "value chain" ngoba phela bonke abadlali babheke inzalo nenzuzo ekubambeni kwabo lamaqhaza
Impumeleo yaloluchungechunge ilele
ekutheni kukhona ukwethembana nokubambisa kubobonke abadlali bezikhundla
zamachongo eketanga.