Friday 19 July 2013

Difference between ‘market chain’ and ‘value chain’

In interpreting the difference between market chain and value chain we would take a Zulu stance that says:



Bonke abadlali bezindima kusuka kumlimi kuya kubakhiqizi, kuya kubathengisi njalonjalo, kunabantu abadlala indima yabo eqhubekisa umqondo wokusebenza kweketanga ngoba umqondo olandelayo wakhelwe phezu kolandelwayo. Umdlali omunye nomunye uneqhaza alibambile futhi leliqhaza limuzalela inzuzo ekugcineni.
 
Emakhongcweni ahlukene ke lapha eketangeni abadlali basebenzisana ndawonye eketangeni lemakethe "market chain" kuze kufike ekutheni iketanga lemakethe seliphenduka libe yiketanga lenzuzo "value chain" ngoba phela bonke abadlali babheke inzalo nenzuzo ekubambeni kwabo lamaqhaza

Impumeleo yaloluchungechunge ilele ekutheni kukhona ukwethembana nokubambisa kubobonke abadlali bezikhundla zamachongo eketanga.

Competitiveness and Organisation of the organic market chain

Competitiveness and Organisation of the organic market chain, is interpreted ngesiZulu like this:

Akukhathalekile ukuthi umlimi uthengisa ekhaya noma ngaphandle kwezwe lakhe. Into esemqoka ukuthi bonke labo abathintekayo nabathintwa yisivuno kusuka kumlimi kuze kufike kumthengi wokugcina othengela ukudlisa isisu sakhe nomndeni wakhe, kufanele kubekhona ubudlelwane nokuthuthukisana ngolwazi oluqondene nalesivuno seCHABUTHI. Loku kukhuthaza ukuthembana nokusekeleka kokukhangiswa kwesivuno. Lokukusabalalisa ulwazi nokungabinazimfihlo kuloluchungechunge lweketanga kwenza iketanga leCHABUTHI libe nempumelelo ukudlula eminye imikhakha yezolimo.

Bathi abelumbi lokhu yi ‘value chain logic’.

isiZulu is Long-winded

I find it interesting that isiZulu will have more than three words in translating one word. The challenge for me is that most of us (in my age group) learnt most of these words from word-of-mouth sources and I find myself having to explain to a Zulu person what I mean when I'm actually speaking in pure undiluted Zulu.

I am fascinated all the time when I teach isiZulu to a foreign person. I start by saying Sawubona, then they say "That's Hello, right?" with tongue-in-cheek I go "No, it means, WE SEE YOU, and we acknowledge your presence" and they go "Who is we?" then I have to scare them and say "Me and my ancestors...."

But on a serious note, translating isiZulu means you need five pages to translate one page of English to isiZulu....

Thursday 18 July 2013

Demand and Supply

I do not know one or two words in isiZulu that refer to Supply and Demand. I have consulted abadala to translate or even interpret the concept because I need to complete the translation of training materials from English to isiZulu to develop capacity of emerging businessmen in rural settings who can only read and write in isiZulu.

Seeing that demand speaks to the magnitude of needs associated with the product or service we are seeking, and the supply would be in response to the perceived need, I therefore think it makes sense to say demand is ISIDINGO ESEVILE and supply would refer to the availability of the product or service being supplied, so, I think I will be understood if I said ISDINGO ESEVILE SEMPAHLA.


Wednesday 3 July 2013

Biodynamic Farming in isiZulu


Biodynamic farming

Angilazi igama elilodwa elingachaza lenhlobo yezolimo, kodwa izinhlamvu ezithi ‘bio’ zichaza okudaliwe njengezilwane, imihlabathi amanzi nezitshalo, kanti lezi ezithi dynamic zichaza kabanzi ngesimo sendalo lapho izinto esingaziboni zijkeleza emkhathini naphakathi kwethu ukuxhasa impilo yazoznke izinto eziphilayo. Ngakhoke singasho nje ukuthi  Ukulima Sakweseka Indalo Nemvelo. i Biodynamic imayelana neCHABUTHI nangaphezulu kweCHABUTHI ngoba ngisho isitifiketi sayo esibhalwe ‘Demeter’ sisezingeni eliphezulu emhlabeni jikelele. Lenhlangano Ikhona-ke eMzansi www.bdaasa.org.za.  

Isisekelo se Biodynamic sithathwe ekuthini insimu ithathwa sengathi iyinto ephilayo edalelwe ukuthi iveze futhi ixhase izimpilo ebantwini, ezilwaneni nasezitshalweni, ngaleyondlela insimu kumele ithi mayikhiqiza ikwazi futhi ukuthi nxa izihlanza okuphumayo kube amakhambi okondla izilwane nezitshalo.

Agro-Forestry and Permaculture


Agro-forestry and Permaculture in isiZulu
 
A forest is IHLATHI and forests, AMAHLATHI, Permaculture pertains to sustainable  agriculture which is related to traditional and/ or natural (if there was such), so, therefore, I refer to Agro-forestry and Permaculture as Ezengxubehlathi Nemvelo

Kuloluhlelo sibona abalimi betshala izihlahla amahlokozi kanye nezitshalo ezithilie ezingunaphakade. Isibonelo silapha ezindaweni zaseAfrika lapho abalimi betshala izihlahla ezinde bese betshala ikhofi besefuthi kubakhona izitshalo zemifino njengogaligi phakathi kwemigqa yekhofi. Lapha inhloso ukubhekelela impilo yezitshalo esithile esithola umsoco waso kahle uma sivikeleke esimweni sezemvelo esithile esiletha ukuhlukumezeka esitshalweni.  Iyancomekake lendlela ekuvikelekeni kwezifo.