Wednesday 3 July 2013

Biodynamic Farming in isiZulu


Biodynamic farming

Angilazi igama elilodwa elingachaza lenhlobo yezolimo, kodwa izinhlamvu ezithi ‘bio’ zichaza okudaliwe njengezilwane, imihlabathi amanzi nezitshalo, kanti lezi ezithi dynamic zichaza kabanzi ngesimo sendalo lapho izinto esingaziboni zijkeleza emkhathini naphakathi kwethu ukuxhasa impilo yazoznke izinto eziphilayo. Ngakhoke singasho nje ukuthi  Ukulima Sakweseka Indalo Nemvelo. i Biodynamic imayelana neCHABUTHI nangaphezulu kweCHABUTHI ngoba ngisho isitifiketi sayo esibhalwe ‘Demeter’ sisezingeni eliphezulu emhlabeni jikelele. Lenhlangano Ikhona-ke eMzansi www.bdaasa.org.za.  

Isisekelo se Biodynamic sithathwe ekuthini insimu ithathwa sengathi iyinto ephilayo edalelwe ukuthi iveze futhi ixhase izimpilo ebantwini, ezilwaneni nasezitshalweni, ngaleyondlela insimu kumele ithi mayikhiqiza ikwazi futhi ukuthi nxa izihlanza okuphumayo kube amakhambi okondla izilwane nezitshalo.

No comments:

Post a Comment